Uhezekeli 11:2-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yilawa madoda aceba okubi, anika iziluleko ezimbi kulo muzi,

3. athi: ‘Akuseduze yini ukuba kwakhiwe izindlu? Lo muzi uyikhanzi, thina siyinyama.’

4. Ngalokho profetha ngabo, uprofethe, ndodana yomuntu.”

5. UMoya kaJehova wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka-Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu.

6. Nandisile ababuleweyo benu kulo muzi, nigcwalisile izitaladi zawo ngababuleweyo.

7. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ababuleweyo benu enibabekile phakathi kwawo bayinyama, nawo uqobo uyikhanzi, kepha nina ngiyakunikhipha phakathi kwawo.

8. Niyesabile inkemba; ngiyakunehlisela inkemba, isho iNkosi uJehova.

9. Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngahlulele phakathi kwenu.

Uhezekeli 11