Uhezekeli 11:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaJehova lasempumalanga, elibhekene nempumalanga; bheka, ngasesivalweni sesango kwakukhona amadoda angamashumi amabili nanhlanu; ngabona phakathi kwawo uJahazaniya indodana ka-Azuri noPhelathiya indodana kaBenaya, izikhulu zabantu.

2. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yilawa madoda aceba okubi, anika iziluleko ezimbi kulo muzi,

3. athi: ‘Akuseduze yini ukuba kwakhiwe izindlu? Lo muzi uyikhanzi, thina siyinyama.’

4. Ngalokho profetha ngabo, uprofethe, ndodana yomuntu.”

5. UMoya kaJehova wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka-Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu.

Uhezekeli 11