3. Amakherubi ayemi ngakwesokunene kwendlu ekungeneni kwendoda, ifu lagcwalisa igceke elingaphakathi.
4. Inkazimulo kaJehova yenyuka ekherubini, yaya embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, igceke lagcwala ukumenyezela kwenkazimulo kaJehova.
5. Umsindo wamaphiko amakherubi wezwakala kwaze kwaba segcekeni elingaphandle njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.
6. Kwathi lapho eyala indoda eyembethe ilineni, ethi: “Thatha umlilo phakathi kwamasondo ayingilizayo phakathi kwamakherubi,” yangena, eceleni kwesondo.
7. Ikherubi lelulela isandla salo liphakathi kwamakherubi kuwo umlilo owawuphakathi kwamakherubi, lawuthatha, lawubeka ezandleni zakhe owembethe ilineni; wawuthatha, waphuma.
8. Kwabonakala kuwo amakherubi isimo sesandla somuntu phansi kwamaphiko awo.
9. Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi, elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.*
10. Kungathi omane ayenesimo sinye, njengalokho kwakukhona isondo phakathi kwesondo.
11. Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine, awaphendukanga ekuhambeni kwawo, kepha lapho ikhanda lalibhekisa khona alilandela; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.
12. Wonke umzimba wawo, nemihlane yawo, nezandla zawo, namaphiko awo, namasondo kwakugcwele amehlo nxazonke; yebo, amasondo lawa omane ayenawo.