Uhezekeli 10:3-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Amakherubi ayemi ngakwesokunene kwendlu ekungeneni kwendoda, ifu lagcwalisa igceke elingaphakathi.

4. Inkazimulo kaJehova yenyuka ekherubini, yaya embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, igceke lagcwala ukumenyezela kwenkazimulo kaJehova.

5. Umsindo wamaphiko amakherubi wezwakala kwaze kwaba segcekeni elingaphandle njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.

6. Kwathi lapho eyala indoda eyembethe ilineni, ethi: “Thatha umlilo phakathi kwamasondo ayingilizayo phakathi kwamakherubi,” yangena, eceleni kwesondo.

7. Ikherubi lelulela isandla salo liphakathi kwamakherubi kuwo umlilo owawuphakathi kwamakherubi, lawuthatha, lawubeka ezandleni zakhe owembethe ilineni; wawuthatha, waphuma.

8. Kwabonakala kuwo amakherubi isimo sesandla somuntu phansi kwamaphiko awo.

9. Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi, elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.*

10. Kungathi omane ayenesimo sinye, njengalokho kwakukhona isondo phakathi kwesondo.

11. Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine, awaphendukanga ekuhambeni kwawo, kepha lapho ikhanda lalibhekisa khona alilandela; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.

12. Wonke umzimba wawo, nemihlane yawo, nezandla zawo, namaphiko awo, namasondo kwakugcwele amehlo nxazonke; yebo, amasondo lawa omane ayenawo.

Uhezekeli 10