Uhezekeli 1:24-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla, nomsindo wesidumo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.

25. Kwavela izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.

26. Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi, isimo saso sinjengetshe lesafire.* Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.

27. Ngase ngibona okunjengethusi elikhazimulayo, kufana nomlilo phakathi kwakho nxazonke, kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya phezulu; kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya ngaphansi ngabona okufana nomlilo; kwamenyezela nxazonke kwawo.

28. Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.

Uhezekeli 1