Uhezekeli 1:22-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Phezu kwamakhanda ezidalwa kwakukhona kungathi umkhathi unjengekristalu* elimangalisayo, owenekwe phezu kwamakhanda azo phezulu.

23. Phansi komkhathi amaphiko azo ayeqondene, elinye nelinye, yileso naleso sinamabili embesa imizimba yazo ngalapha, sinamabili embesa ngalapha.

24. Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla, nomsindo wesidumo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.

25. Kwavela izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.

Uhezekeli 1