2. “Ake ukhulume kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nakuyo insali yabantu, uthi:
3. ‘Ngubani oseleyo phakathi kwenu owayibona le ndlu ekukhazimuleni kwayo kokuqala? Niyayibona injani manje na? Ayinjengento yalutho emehlweni enu na?
4. Kepha qina manje, Zerubabele,’ usho uJehova, ‘ube namandla, Joshuwa, ndodana kaJehosadaki, mpristi omkhulu, niqine nonke nina bantu bezwe,’ usho uJehova, ‘nisebenze ngokuba nginani,’ usho uJehova Sebawoti.
5. ‘Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.’
6. “Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kusezakuba yisikhashana nje ngizamazamisa amazulu nomhlaba, nolwandle, nomhlabathi owomileyo,