Uhagayi 2:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngenyanga yesikhombisa ngolwamashumi amabili nanye lwenyanga izwi likaJehova lafika ngesandla sikaHagayi umprofethi, lathi:

2. “Ake ukhulume kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nakuyo insali yabantu, uthi:

3. ‘Ngubani oseleyo phakathi kwenu owayibona le ndlu ekukhazimuleni kwayo kokuqala? Niyayibona injani manje na? Ayinjengento yalutho emehlweni enu na?

4. Kepha qina manje, Zerubabele,’ usho uJehova, ‘ube namandla, Joshuwa, ndodana kaJehosadaki, mpristi omkhulu, niqine nonke nina bantu bezwe,’ usho uJehova, ‘nisebenze ngokuba nginani,’ usho uJehova Sebawoti.

Uhagayi 2