Uhabakuki 2:5-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Yebo, iwayini liyakhohlisa,lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma,owandisa ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo;unjengokufa: akasuthi;uyazibuthela zonke izizwe,uziqoqela bonke abantu.

6. “Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi:“ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhekoze kube nini na? --nozisindisa ngezibambiso!’

7. Abayikuvuka ngokuzumayo abakulumayo,bavuke abakuthuthumelisayo,ube yimpango yabo, na?

8. Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi,bonke abanye abantu bayakuphanga wena,ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni,nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.

Uhabakuki 2