2. UJehova wangiphendula wathi:“Wulobe umbono,uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula.
3. Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo;uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa;noma ulibala, wulindele,ngokuba uyakufika nokufika,awuyikwephuza.
4. “Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,awuqotho phakathi kwakhe,kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.
5. Yebo, iwayini liyakhohlisa,lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma,owandisa ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo;unjengokufa: akasuthi;uyazibuthela zonke izizwe,uziqoqela bonke abantu.
6. “Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi:“ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhekoze kube nini na? --nozisindisa ngezibambiso!’
7. Abayikuvuka ngokuzumayo abakulumayo,bavuke abakuthuthumelisayo,ube yimpango yabo, na?
8. Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi,bonke abanye abantu bayakuphanga wena,ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni,nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.
9. “Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embiukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!
10. Ucebele indlu yakho okubi ngokuchitha abantu abaningi,wona kuwo umphefumulo wakho.
11. Ngokuba amatshe ayakukhala esodongeni,nomshayo uyakuwaphendula usemithini.