Uhabakuki 1:12-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Wena Jehova Nkulunkulu wami, oNgcwele,awungowasendulo na?Asiyikufa;Jehova, usinqumele ukwahlulelwa;wena Dwala, usimisele ukujeziswa.

13. Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi,ungenakubheka ukuhlanekezela,ubhekelani abakhohlisayo,uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye,

14. wenze abantu babe njengezinhlanzi zaselwandle,njengezilwanyana ezinwabuzelayo ezingenambusi phezu kwazo na?

15. Uyabakhipha bonke ngodobo,abadonse ngenetha,ababuthe ngenetha lakhe elihudulwayo;ngalokho uyathokoza, uyajabula.

Uhabakuki 1