Uhabakuki 1:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Isiprofetho owasibonayo uHabakuki umprofethi.

2. Ngiyakukuncenga kuze kube nini,Jehova, ungezwa,ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na?

3. Ungiboniselani ububi,ungibhekise ukukhathazeka na?Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami;kukhona ukulwa,ukuxabana kuyaqhamuka.

4. Ngalokho umthetho uba buthakathaka,nokwahlulela akuphumi kuze kube nini,ngokuba omubi uhaqa olungileyo;ngalokho ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe.

5. “Bonani phakathi kwabezizwe,nibheke,nimangale nokumangala,ngokuba wenza isenzo ezinsukwini zenueningayikukholwa yiso,lapho silandwa.

6. Ngokuba bhekani,ngiyavusa amaKaledi,isizwe esibabayo nesiphulukundlelayo,esidabula ebubanzini bomhlabaukuyokudla izindawo zokuhlala ezingeyizo ezaso.

Uhabakuki 1