1. Isiprofetho owasibonayo uHabakuki umprofethi.
2. Ngiyakukuncenga kuze kube nini,Jehova, ungezwa,ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na?
3. Ungiboniselani ububi,ungibhekise ukukhathazeka na?Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami;kukhona ukulwa,ukuxabana kuyaqhamuka.
4. Ngalokho umthetho uba buthakathaka,nokwahlulela akuphumi kuze kube nini,ngokuba omubi uhaqa olungileyo;ngalokho ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe.