Ugenesise 9:23-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.

24. UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.

25. Wathi:“Makaqalekiswe uKhanani,abe yisigqila sezigqila kubafowabo.”

26. Wathi futhi:“Ubusisiwe uJehova,uNkulunkulu kaShemi,uKhanani abe yisigqila sabo.

27. UNkulunkulu amandise uJafete,ahlale ematendeni kaShemi,uKhanani abe yisigqila sabo.”

Ugenesise 9