15. Khona ngiyakukhumbula isivumelwano esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; amanzi awasayikuba nguzamcolo wokuchitha inyama yonke.
16. Uthingo luyakuba semafwini; ngizakulubheka, ngikhumbule isivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke emhlabeni.”
17. UNkulunkulu wathi kuNowa: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenzile phakathi kwami nayo yonke inyama esemhlabeni.”
18. Amadodana kaNowa aphuma emkhunjini ayengoShemi, noHamu, noJafete; uHamu wayenguyise kaKhanani.
19. Yilawo amadodana amathathu kaNowa; umhlaba wonke wagcwaliswa ngabavela kuwo.
20. UNowa waqala waba ngumlimi, watshala isivini.
21. Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe.
22. UHamu uyise kaKhanani wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo bobabili bengaphandle.
23. OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.
24. UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.