Ugenesise 9:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba.

2. Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu.

3. Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.

4. “Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.

5. Kodwa elenu igazi okukulo umphefumulo wenu ngiyakulibiza; kuzo zonke izilwane ngiyakulibiza; nakubo bonke abantu ngiyakubiza umphefumulo wabo, owomunye esandleni somunye.

6. Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu, ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe.

7. Kepha zalani nina, nande, nichume emhlabeni, nivame kuwo.”

8. UNkulunkulu wakhuluma kuNowa nakumadodana akhe enaye, wathi:

Ugenesise 9