Ugenesise 7:18-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Amanzi akhula, anda kakhulu emhlabeni; umkhumbi wahamba ebusweni bamanzi.

19. Amanzi andisisa impela emhlabeni; zasitshekelwa zonke izintaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke.

20. Amanzi azidlula ngezingalo eziyishumi nanhlanu, zaze zasitshekelwa izintaba.

21. Inyama yonke eyayihamba emhlabeni yafa, izinyoni, nezinkomo, nezilo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke;

22. konke okunomphefumulo womoya wokuphila emakhaleni akho, konke okusemhlabathini owomileyo, kwafa.

23. Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa kanye nakho okwakukhona naye emkhunjini.

24. Amanzi ayenamandla emhlabeni izinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu.

Ugenesise 7