Ugenesise 7:15-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Zangena kuNowa emkhunjini zimbili ngazimbili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila.

16. Ezangenayo zangena ziyiduna nensikazi zenyama yonke, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wavala emva kwakhe.

17. Kwaba nguzamcolo emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane; amanzi anda, aphakamisa umkhumbi; waphakama phezu komhlaba.

18. Amanzi akhula, anda kakhulu emhlabeni; umkhumbi wahamba ebusweni bamanzi.

19. Amanzi andisisa impela emhlabeni; zasitshekelwa zonke izintaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke.

20. Amanzi azidlula ngezingalo eziyishumi nanhlanu, zaze zasitshekelwa izintaba.

21. Inyama yonke eyayihamba emhlabeni yafa, izinyoni, nezinkomo, nezilo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke;

22. konke okunomphefumulo womoya wokuphila emakhaleni akho, konke okusemhlabathini owomileyo, kwafa.

Ugenesise 7