21. Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu.” Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.
22. UJosefa wahlala eGibithe, yena nendlu kayise; uJosefa wahamba iminyaka eyikhulu neshumi.
23. UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMakiri indodana kaManase bazalelwa emathangeni kaJosefa.
24. Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”
25. UJosefa wayesefungisa amadodana ka-Israyeli, ethi: “UNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, nina nikhuphule amathambo ami lapha.”
26. Wayesefa uJosefa eneminyaka eyikhulu neshumi; bamgqumisa ngemithi, wafakwa ebhokisini eGibithe.