1. UJosefa wawa ebusweni bukayise, wakhala phezu kwakhe, wamanga.
2. UJosefa wayala izinceku zakhe izinyanga ukuba zimgqumise uyise ngemithi; izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi.
3. Zaphelela izinsuku zakhe ezingamashumi amane, ngokuba ziphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa ngemithi; abaseGibithe bamkhalela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa.
4. Sezidlulile izinsuku zokumkhalela, uJosefa wakhuluma kuyo indlu kaFaro, wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni enu, ake nikhulume ezindlebeni zikaFaro ngokuthi
5. ubaba wangifungisa wathi: ‘Bheka, ngiyafa; ethuneni engizimbele lona ezweni laseKhanani uzakungingcwaba kulo.’ Ngalokho ake ngikhuphuke, ngimmbele ubaba, bese ngibuya.”
6. Wayesethi uFaro: “Khuphuka, ummbele uyihlo njengokukufungisa kwakhe.”
7. Khona uJosefa wakhuphuka ukuyommbela uyise; zakhuphuka naye zonke izinceku zikaFaro, nezikhulu zendlu yakhe, nezikhulu zonke zezwe laseGibithe,
8. nendlu yonke kaJosefa, nabafowabo, nendlu kayise; bashiya ezweni laseGosheni izingane zabo, nezimvu zabo, nezinkomo zabo kuphela.
9. Kwakhuphuka nabo nezinqola, nabamahhashi; kwaba yibandla elikhulu impela.
10. Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.
11. Abakhileyo ezweni, amaKhanani, sebebone isililo eGoreni Hathadi bathi: “Lokhu kuyisililo esinzima sabaseGibithe.” Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi i-Abela Misirayimi* elingaphesheya kweJordani.
12. Amadodana akhe amenzela njengalokho ewayalile;
13. ngokuba amadodana akhe amyisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wasensimini yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yokumbela, ngaphambi kweMamre.
14. UJosefa wayesebuyela eGibithe, yena nabafowabo, nabo bonke ababekhuphuke naye ukummbela uyise, emva kokungcwaba kwakhe uyise.
15. Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena.”
16. Base bethumela kuJosefa, bethi: “Uyihlo wayala engakafi, wathi:
17. ‘Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba bakwenzela okubi.’ Manje siyakucela ukuthi: Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” UJosefa wakhala, besakhuluma kuye.
18. Base befika nabafowabo, bawa phansi ebusweni bakhe, bathi: “Bheka, siyizinceku zakho.”
19. UJosefa wayesethi kubo: “Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na?