Ugenesise 5:7-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Emva kokuzalwa kuka-Enoshe uSeti wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi.

8. Zonke izinsuku zikaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi nambili; wayesefa.

9. U-Enoshe wahamba iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye, wazala uKhenani.

10. Emva kokuzalwa kukaKhenani u-Enoshe wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili neshumi nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi.

11. Zonke izinsuku zika-Enoshe zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.

12. UKhenani wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala uMahalalele.

13. Emva kokuzalwa kukaMahalalele uKhenani wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane, wazala amadodana namadodakazi.

14. Zonke izinsuku zikaKhenani zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi; wayesefa.

15. UMahalalele wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uJarede.

16. Emva kokuzalwa kukaJarede uMahalalele wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu, wazala amadodana namadodakazi.

17. Zonke izinsuku zikaMahalele zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.

18. UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha namabili, wazala u-Enoke.

Ugenesise 5