20. Zonke izinsuku zikaJarede zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nambili; wayesefa.
21. U-Enoke wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uMetushela.
22. Emva kokuzalwa kukaMetushela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.
23. Zonke izinsuku zika-Enoke zaziyiminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu.
24. U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.
25. UMetushela wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala uLameka.
26. Emva kokuzalwa kukaLameka uMetushela wahamba iminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala amadodana namadodakazi.
27. Zonke izinsuku zikaMetushela zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nesishiyagalolunye; wayesefa.
28. ULameka wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala indodana.
29. Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.”
30. Emva kokuzalwa kukaNowa uLameka wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi.
31. Zonke izinsuku zikaLameka zaziyiminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nesikhombisa; wayesefa.
32. UNowa wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu; uNowa wazala oShemi, noHamu, noJafete.