Ugenesise 49:8-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. “Juda,abafowenu bazakukudumisa wena;isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho;amadodana kayihlo ayakukukhothamela.

9. UJuda uyibhongo lengonyama.Wenyuke empangweni,ndodana yami.Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi;ngubani oyakumvusa na?

10. Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda,nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe,aze afike yena olufanele lona;nezizwe ziyakumlalela.

11. Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini,ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle;uhlanza izingubo zakhe ewayinini,nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.

12. Amehlo akhe ayaklwela iwayini,amazinyo akhe amhlophe ubisi.

13. “UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle,abe sosebeni lwemikhumbi;umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.

14. “U-Isakare uyimbongolo enamandla,elala phakathi kwezibaya.

15. Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle,nezwe ukuthi limnandi;wafolisa ihlombe ukuba athwale,waba yinceku yempoqo.

16. “UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe,njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli.

17. UDani uyakuba yinyoka endleleni,inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi,awe nyovane olikhweleyo.

18. “Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.

Ugenesise 49