Ugenesise 49:4-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Uyachichima njengamanzi,awuyikuba nabungqongqo,ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona;wakhwela okhukhweni lwami.

5. “OSimeyoni noLevi bayizelamani;izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.

6. Ungangeni emkhandlwini wabo,mphefumulo wami;ungahlangani nebandla labo,nhliziyo yami,ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu;ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.

7. Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokubalwalunamandla,nentukuthelo yabo,ngokuba yayinonya;ngizakubahlukanisa kwaJakobe,ngibasakaze kwa-Israyeli.

8. “Juda,abafowenu bazakukudumisa wena;isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho;amadodana kayihlo ayakukukhothamela.

9. UJuda uyibhongo lengonyama.Wenyuke empangweni,ndodana yami.Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi;ngubani oyakumvusa na?

10. Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda,nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe,aze afike yena olufanele lona;nezizwe ziyakumlalela.

11. Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini,ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle;uhlanza izingubo zakhe ewayinini,nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.

12. Amehlo akhe ayaklwela iwayini,amazinyo akhe amhlophe ubisi.

13. “UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle,abe sosebeni lwemikhumbi;umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.

14. “U-Isakare uyimbongolo enamandla,elala phakathi kwezibaya.

Ugenesise 49