Ugenesise 49:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.

2. “Qoqanani, nizwe,nina madodana kaJakobe,nimlalele u-Israyeli uyihlo.

3. “Rubeni, uyizibulo lami wena,amandla ami,ukuqala kwezikhwepha zami,ingqongqo ngesithunzi,ingqongqo ngamandla.

4. Uyachichima njengamanzi,awuyikuba nabungqongqo,ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona;wakhwela okhukhweni lwami.

5. “OSimeyoni noLevi bayizelamani;izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.

6. Ungangeni emkhandlwini wabo,mphefumulo wami;ungahlangani nebandla labo,nhliziyo yami,ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu;ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.

7. Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokubalwalunamandla,nentukuthelo yabo,ngokuba yayinonya;ngizakubahlukanisa kwaJakobe,ngibasakaze kwa-Israyeli.

8. “Juda,abafowenu bazakukudumisa wena;isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho;amadodana kayihlo ayakukukhothamela.

9. UJuda uyibhongo lengonyama.Wenyuke empangweni,ndodana yami.Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi;ngubani oyakumvusa na?

Ugenesise 49