1. UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.
2. “Qoqanani, nizwe,nina madodana kaJakobe,nimlalele u-Israyeli uyihlo.
3. “Rubeni, uyizibulo lami wena,amandla ami,ukuqala kwezikhwepha zami,ingqongqo ngesithunzi,ingqongqo ngamandla.
4. Uyachichima njengamanzi,awuyikuba nabungqongqo,ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona;wakhwela okhukhweni lwami.
5. “OSimeyoni noLevi bayizelamani;izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.
6. Ungangeni emkhandlwini wabo,mphefumulo wami;ungahlangani nebandla labo,nhliziyo yami,ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu;ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
7. Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokubalwalunamandla,nentukuthelo yabo,ngokuba yayinonya;ngizakubahlukanisa kwaJakobe,ngibasakaze kwa-Israyeli.
8. “Juda,abafowenu bazakukudumisa wena;isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho;amadodana kayihlo ayakukukhothamela.
9. UJuda uyibhongo lengonyama.Wenyuke empangweni,ndodana yami.Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi;ngubani oyakumvusa na?
10. Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda,nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe,aze afike yena olufanele lona;nezizwe ziyakumlalela.
11. Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini,ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle;uhlanza izingubo zakhe ewayinini,nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.
12. Amehlo akhe ayaklwela iwayini,amazinyo akhe amhlophe ubisi.
13. “UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle,abe sosebeni lwemikhumbi;umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.
14. “U-Isakare uyimbongolo enamandla,elala phakathi kwezibaya.
15. Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle,nezwe ukuthi limnandi;wafolisa ihlombe ukuba athwale,waba yinceku yempoqo.
16. “UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe,njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli.
17. UDani uyakuba yinyoka endleleni,inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi,awe nyovane olikhweleyo.
18. “Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.
19. “UGadi, iviyo liyakumcindezela,kepha yena uyakucindezela isithende salo.