Ugenesise 48:7-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati” (eliyiBetlehema).

8. U-Israyeli wabona amadodana kaJosefa, wathi: “Ngobani laba na?”

9. UJosefa wathi kuye: “Ngamadodana ami angiphe wona lapha uNkulunkulu.”Wayesethi: “Ake uwalethe kimi, ngiwabusise.”

10. Kepha amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona.

11. Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Ngangingacabanganga ukuthi ngizakubona ubuso bakho; bheka, uNkulunkulu ungibonise nenzalo yakho.”

12. UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.

13. UJosefa wayesebathatha bobabili, u-Efrayimi ngesokunene, engakwesokhohlo sika-Israyeli, noManase ngesokhohlo, engakwesokunene sika-Israyeli, wabasondeza kuye.

14. U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.

Ugenesise 48