4. wathi kimi: ‘Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.’
5. “Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami.
6. Kepha inzalo yakho oyizala emva kwabo izakuba ngeyakho; iyakubizwa ngegama labafowabo efeni lalabo.
7. Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati” (eliyiBetlehema).
8. U-Israyeli wabona amadodana kaJosefa, wathi: “Ngobani laba na?”
9. UJosefa wathi kuye: “Ngamadodana ami angiphe wona lapha uNkulunkulu.”Wayesethi: “Ake uwalethe kimi, ngiwabusise.”
10. Kepha amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona.
11. Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Ngangingacabanganga ukuthi ngizakubona ubuso bakho; bheka, uNkulunkulu ungibonise nenzalo yakho.”
12. UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.
13. UJosefa wayesebathatha bobabili, u-Efrayimi ngesokunene, engakwesokhohlo sika-Israyeli, noManase ngesokhohlo, engakwesokunene sika-Israyeli, wabasondeza kuye.
14. U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.
15. Wambusisa uJosefa, wathi:“UNkulunkulu abahamba ebusweni bakheobaba o-Abrahama no-Isaka,uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwamikuze kube namuhla,
16. ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana;mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka;mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”
17. Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.