Ugenesise 48:15-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Wambusisa uJosefa, wathi:“UNkulunkulu abahamba ebusweni bakheobaba o-Abrahama no-Isaka,uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwamikuze kube namuhla,

16. ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana;mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka;mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”

17. Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.

18. Wayesethi uJosefa kuyise: “Kungabi njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.”

19. Kepha uyise wala, wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.”

20. Wayesebabusisa ngalolo suku ngokuthi:“Ngawe u-Israyeli uyakubusisa ethi:‘UNkulunkulu makakwenzeube njengo-Efrayimi nanjengoManase.’ ”Wayesembeka-ke u-Efrayimi ngaphambi kukaManase.

21. Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Bheka, mina ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.

22. Wena ngikunike olunye ukhalo ngaphezu kwabafowenu engaluthatha esandleni sama-Amori ngenkemba yami nangomnsalo wami.”

Ugenesise 48