14. U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.
15. Wambusisa uJosefa, wathi:“UNkulunkulu abahamba ebusweni bakheobaba o-Abrahama no-Isaka,uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwamikuze kube namuhla,
16. ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana;mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka;mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”
17. Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.
18. Wayesethi uJosefa kuyise: “Kungabi njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.”
19. Kepha uyise wala, wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.”
20. Wayesebabusisa ngalolo suku ngokuthi:“Ngawe u-Israyeli uyakubusisa ethi:‘UNkulunkulu makakwenzeube njengo-Efrayimi nanjengoManase.’ ”Wayesembeka-ke u-Efrayimi ngaphambi kukaManase.
21. Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Bheka, mina ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.
22. Wena ngikunike olunye ukhalo ngaphezu kwabafowenu engaluthatha esandleni sama-Amori ngenkemba yami nangomnsalo wami.”