Ugenesise 47:5-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Wayesekhuluma uFaro kuJosefa, ethi: “Uyihlo nabafowenu beze kuwe;

6. izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.”

7. UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise, wambeka phambi kukaFaro; uJakobe wambusisa uFaro.

8. Wathi uFaro kuJakobe: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwakho na?”

9. UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”

10. UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro.

11. UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabapha indawo ezweni laseGibithe, izwe elihle kunalo lonke, izwe likaRamsese, njengalokho uFaro ebayalile.

12. UJosefa wamondla uyise, nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo.

13. Ukudla kwakungekho ezweni lonke, ngokuba indlala yayinzima kakhulu; izwe laseGibithe nezwe laseKhanani afa indlala.

14. UJosefa waqoqa yonke imali eyatholakala ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani ngamabele ababewathengile; uJosefa wayiyisa imali endlini kaFaro.

15. Isiphelile imali ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani, bonke abaseGibithe beza kuJosefa, bathi: “Siphe ukudla; siyakufelani phambi kwakho na? Ngokuba isiphelile imali.”

16. Wayesethi uJosefa: “Lethani izinkomo zenu; ngizakuninika ngezinkomo zenu, uma imali ingekho.”

Ugenesise 47