Ugenesise 47:23-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. UJosefa wayesethi kubantu: “Bhekani, namuhla nginithengile nibe ngabakaFaro nina nezwe lenu; nansi imbewu yenu, nize nihlwanyele emhlabathini.

24. Kuyakuthi ezithelweni nimnike uFaro okwesihlanu, izinxenye ezine zibe ngezenu, kube yimbewu yamasimu, nokudla kwenu nokwabendlu yenu, nokudla kwezingane zenu.”

25. Base bethi: “Usisindisile; masifumane umusa emehlweni enkosi, sibe yizinceku zikaFaro.”

26. UJosefa washaya umthetho ngezwe laseGibithe kuze kube namuhla wokuthi uFaro uzakuba nokwesihlanu; kuphela izwe labapristi bodwa alibanga yilo elikaFaro.

27. U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe ezweni laseGosheni; bafuya khona, bazala, banda kakhulu.

28. UJakobe wahlala ezweni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe, zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.

29. Kwase kusondela isikhathi ayesezakufa ngaso u-Israyeli; wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ubeke isandla sakho phansi kwethanga lami, ungenzele umusa neqiniso: ake ungangimbeli eGibithe.

30. Kepha lapho sengilele kobaba, uze ungikhiphe eGibithe, ungimbele ethuneni labo.”Wathi: “Ngizakwenza njengezwi lakho.”

31. Wayesethi kuye: “Funga kimi.” Wayesefunga kuye. U-Israyeli wakhothama esihlokweni sombhede.

Ugenesise 47