Ugenesise 47:19-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Siyakufelani phambi kwakho thina namazwe ethu na? Sithenge thina namazwe ethu ngokudla, sibe yizinceku zikaFaro thina namazwe ethu; siphe imbewu ukuba siphile, singafi, izwe lingachitheki.”

20. UJosefa wamthengela uFaro izwe lonke laseGibithe, ngokuba bonke abaseGibithe bathengisa ngamasimu abo, lokhu indlala yayinzima phezu kwabo; izwe lase liba ngelikaFaro.

21. Abantu wabayisa emizini, ebasusa komunye umncele wezwe laseGibithe kwaze kwaba komunye umncele walo.

22. Yizwe labapristi kuphela angalithenganga, ngokuba abapristi babethole isabelo kuFaro, badla isabelo sabo abapha sona uFaro; ngalokho abathengisanga ngezwe labo.

23. UJosefa wayesethi kubantu: “Bhekani, namuhla nginithengile nibe ngabakaFaro nina nezwe lenu; nansi imbewu yenu, nize nihlwanyele emhlabathini.

24. Kuyakuthi ezithelweni nimnike uFaro okwesihlanu, izinxenye ezine zibe ngezenu, kube yimbewu yamasimu, nokudla kwenu nokwabendlu yenu, nokudla kwezingane zenu.”

25. Base bethi: “Usisindisile; masifumane umusa emehlweni enkosi, sibe yizinceku zikaFaro.”

26. UJosefa washaya umthetho ngezwe laseGibithe kuze kube namuhla wokuthi uFaro uzakuba nokwesihlanu; kuphela izwe labapristi bodwa alibanga yilo elikaFaro.

27. U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe ezweni laseGosheni; bafuya khona, bazala, banda kakhulu.

28. UJakobe wahlala ezweni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe, zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.

29. Kwase kusondela isikhathi ayesezakufa ngaso u-Israyeli; wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ubeke isandla sakho phansi kwethanga lami, ungenzele umusa neqiniso: ake ungangimbeli eGibithe.

Ugenesise 47