1. UJosefa wayesengena, wamtshela uFaro, wathi: “Ufikile ubaba nabafowethu, nezimvu zabo, nezinkomo zabo, nakho konke abanakho, bephuma ezweni laseKhanani; bheka, sebesezweni laseGosheni.”
2. Phakathi kwabafowabo wathatha amadoda ayisihlanu, wawabeka phambi kukaFaro.
3. UFaro wayesethi kubafowabo: “Uyini umsebenzi wenu na?”Bathi kuFaro: “Izinceku zakho zingabelusi, thina nawobaba.”
4. Bathi kuFaro: “Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho, lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.”
5. Wayesekhuluma uFaro kuJosefa, ethi: “Uyihlo nabafowenu beze kuwe;
6. izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.”
7. UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise, wambeka phambi kukaFaro; uJakobe wambusisa uFaro.
8. Wathi uFaro kuJakobe: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwakho na?”
9. UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”
10. UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro.