Ugenesise 46:9-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Amadodana kaRubeni: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.

10. Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani.

11. Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.

12. Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela, noPheresi, noZera; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi ayengoHesironi noHamule.

13. Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuva, noJobe noShimroni.

14. Amadodana kaZebuloni: ngoSeredi, no-Eloni, noJaleli.

15. Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu kanye noDina indodakazi yakhe; yonke imiphefumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu.

16. Amadodana kaGadi: ngoSifijoni, noHagi, noShuni, no-Esiboni, no-Eri, no-Arodi, no-Areli.

17. Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli.

18. Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha.

19. Amadodana kaRaheli umkaJakobe: ngoJosefa noBenjamini.

20. KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.

21. Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRoshe, noMuphimi, noHuphimi, no-Arida.

22. Yilawo angamadodana kaRaheli azalelwa wona uJakobe; bonke abantu babe yishumi nane.

23. Amadodana kaDani: nguHushimi.

24. Amadodana kaNafetali: ngoJaseli, noGuni, noJeseri, noShilemi.

25. Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa.

26. Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe, ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe, bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha.

Ugenesise 46