7. Amadodana akhe, namadodana amadodana akhe, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe.
8. Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe: nguRubeni izibulo likaJakobe.
9. Amadodana kaRubeni: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.
10. Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani.
11. Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.
12. Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela, noPheresi, noZera; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi ayengoHesironi noHamule.
13. Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuva, noJobe noShimroni.