Ugenesise 46:27-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babe ngamashumi ayisikhombisa.

28. Wathuma uJuda ngaphambi kwakhe kuJosefa ukuyokhomba phambi kwakhe indlela eya eGosheni.

29. UJosefa wayesebophela inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni; wazibonakalisa kuye, wawa entanyeni yakhe, wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.

30. U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengingafa, lokhu ngibone ubuso bakho ukuthi usekhona.”

31. UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise: “Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro, ngithi kuye: ‘Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefike kimi.

32. Lawa madoda angabelusi bezimvu, ngokuba ayengamadoda emfuyo; aselethile izimvu zawo, nezinkomo zawo, nakho konke anakho.’

33. Kuyakuthi lapho uFaro enibiza athi: ‘Uyini umsebenzi wenu,’

34. anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”

Ugenesise 46