Ugenesise 46:19-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Amadodana kaRaheli umkaJakobe: ngoJosefa noBenjamini.

20. KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.

21. Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRoshe, noMuphimi, noHuphimi, no-Arida.

22. Yilawo angamadodana kaRaheli azalelwa wona uJakobe; bonke abantu babe yishumi nane.

23. Amadodana kaDani: nguHushimi.

24. Amadodana kaNafetali: ngoJaseli, noGuni, noJeseri, noShilemi.

25. Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa.

26. Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe, ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe, bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha.

27. Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babe ngamashumi ayisikhombisa.

28. Wathuma uJuda ngaphambi kwakhe kuJosefa ukuyokhomba phambi kwakhe indlela eya eGosheni.

29. UJosefa wayesebophela inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni; wazibonakalisa kuye, wawa entanyeni yakhe, wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.

30. U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengingafa, lokhu ngibone ubuso bakho ukuthi usekhona.”

31. UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise: “Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro, ngithi kuye: ‘Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefike kimi.

32. Lawa madoda angabelusi bezimvu, ngokuba ayengamadoda emfuyo; aselethile izimvu zawo, nezinkomo zawo, nakho konke anakho.’

33. Kuyakuthi lapho uFaro enibiza athi: ‘Uyini umsebenzi wenu,’

34. anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”

Ugenesise 46