Ugenesise 46:16-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Amadodana kaGadi: ngoSifijoni, noHagi, noShuni, no-Esiboni, no-Eri, no-Arodi, no-Areli.

17. Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli.

18. Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha.

19. Amadodana kaRaheli umkaJakobe: ngoJosefa noBenjamini.

20. KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.

21. Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRoshe, noMuphimi, noHuphimi, no-Arida.

22. Yilawo angamadodana kaRaheli azalelwa wona uJakobe; bonke abantu babe yishumi nane.

23. Amadodana kaDani: nguHushimi.

24. Amadodana kaNafetali: ngoJaseli, noGuni, noJeseri, noShilemi.

25. Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa.

Ugenesise 46