Ugenesise 46:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuva, noJobe noShimroni.

14. Amadodana kaZebuloni: ngoSeredi, no-Eloni, noJaleli.

15. Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu kanye noDina indodakazi yakhe; yonke imiphefumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu.

16. Amadodana kaGadi: ngoSifijoni, noHagi, noShuni, no-Esiboni, no-Eri, no-Arodi, no-Areli.

17. Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli.

18. Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha.

Ugenesise 46