Ugenesise 45:20-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Futhi ningakhathaleli impahla yenu, ngokuba okuhle kwezwe lonke laseGibithe kungokwenu.’ ”

21. Enze njalo amadodana ka-Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela.

22. Kubo bonke, kwaba yilowo nalowo, wanika izingubo zokuphendulela; kepha uBenjamini wamupha izinhlamvu ezingamakhulu amathathu zesiliva nezingubo eziyisihlanu zokuphendulela.

23. Kuyise wathuma kanje: izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi, zithwesiwe amabele, nesinkwa, nomphako kayise endleleni.

24. Wayesebamukisa abafowabo, bahamba; wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”

25. Bakhuphuka eGibithe, bafika ezweni laseKhanani kuJakobe uyise.

26. Bamtshela bathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi ezweni lonke laseGibithe.” Inhliziyo yakhe yayisiphela amandla, ngokuba akakholwanga yibo.

27. Bamlandisa onke amazwi kaJosefa abewashilo kubo; lapho esebona izinqola abezithumile uJosefa zokumthwala, umoya kaJakobe uyise wavuselelwa.

28. Wathi u-Israyeli: “Kwanele; uJosefa indodana yami usekhona; ngizakuhamba ngimbone ngingakafi.”

Ugenesise 45