Ugenesise 45:16-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Leli zwi lezwakala endlini kaFaro, lithi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe.

17. UFaro wayesethi kuJosefa: “Yisho kubafowenu ukuthi: ‘Yenzani lokhu: thwesani izimbongolo zenu, nihambe niye ezweni laseKhanani,

18. nithathe uyihlo nemizi yenu, nize kimi, nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.’

19. “Usuyaliwe: ‘Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza.

20. Futhi ningakhathaleli impahla yenu, ngokuba okuhle kwezwe lonke laseGibithe kungokwenu.’ ”

21. Enze njalo amadodana ka-Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela.

22. Kubo bonke, kwaba yilowo nalowo, wanika izingubo zokuphendulela; kepha uBenjamini wamupha izinhlamvu ezingamakhulu amathathu zesiliva nezingubo eziyisihlanu zokuphendulela.

23. Kuyise wathuma kanje: izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi, zithwesiwe amabele, nesinkwa, nomphako kayise endleleni.

24. Wayesebamukisa abafowabo, bahamba; wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”

25. Bakhuphuka eGibithe, bafika ezweni laseKhanani kuJakobe uyise.

26. Bamtshela bathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi ezweni lonke laseGibithe.” Inhliziyo yakhe yayisiphela amandla, ngokuba akakholwanga yibo.

Ugenesise 45