8. UJuda wathi ku-Israyeli uyise: “Thuma umfana nami, size sisuke, sihambe ukuba siphile, singafi, thina nawe kanye nezingane zethu.
9. Mina ngiyakuba yisibambiso sakhe; uzakumbiza esandleni sami; uma ngingambuyiseli kuwe, ngimbeke ebusweni bakho, ngiyakuba necala kuze kube phakade,
10. ngokuba uma sasingalibalanga, impela nga sesibuyile manje ngokwesibili.”
11. Uyise u-Israyeli wayesethi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu* eliyingcosana, nezinyosi eziyingcosana, namakha, nemure,* namapisitakiyo,* nama-alimondi,*
12. niphathe esandleni senu imali iphindwe kabili; naleyo mali eyabuyiselwa emilonyeni yamasaka enu, niyihambise ngesandla senu; mhlawumbe kwenzeka iphutha.
13. Nithathe futhi umfowenu, nisuke nibuyele kulowo muntu.
14. UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu, ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.”
15. Amadoda ayesethatha leso sipho nemali ephindwe kabili esandleni sawo kanye noBenjamini, asuka ehlela eGibithe, ema ebusweni bukaJosefa.
16. UJosefa esembona uBenjamini enabo, wathi kophezu kwendlu yakhe: “Ngenisa lawa madoda endlini, uhlabe, ulungise, ngokuba lawa madoda ayakudla nami emini.”
17. Lowo muntu wenza njengalokho eshilo uJosefa; inceku yawangenisa amadoda endlini kaJosefa.