Ugenesise 43:4-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Uma umthuma nathi umfowethu, sizakwehla, sithenge ukudla;

5. kepha uma ungamthumi, asizukwehla, ngokuba lowo muntu wathi kithina: ‘Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.’ ”

6. Wayesethi u-Israyeli: “Ningenzeleni okubi ngokumtshela lowo muntu ukuthi ukhona omunye umfowenu na?”

7. Bathi: “Wabuza nokubuza lowo muntu ngathi nangezihlobo zethu, wathi: ‘Usekhona uyihlo na? Ninomunye umfowenu na?’ Samlandisa njengalawa mazwi; sasingakwazi kanjani ukuba uyakuthi: ‘Yehlisani umfowenu,’ na?”

8. UJuda wathi ku-Israyeli uyise: “Thuma umfana nami, size sisuke, sihambe ukuba siphile, singafi, thina nawe kanye nezingane zethu.

9. Mina ngiyakuba yisibambiso sakhe; uzakumbiza esandleni sami; uma ngingambuyiseli kuwe, ngimbeke ebusweni bakho, ngiyakuba necala kuze kube phakade,

10. ngokuba uma sasingalibalanga, impela nga sesibuyile manje ngokwesibili.”

11. Uyise u-Israyeli wayesethi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu* eliyingcosana, nezinyosi eziyingcosana, namakha, nemure,* namapisitakiyo,* nama-alimondi,*

12. niphathe esandleni senu imali iphindwe kabili; naleyo mali eyabuyiselwa emilonyeni yamasaka enu, niyihambise ngesandla senu; mhlawumbe kwenzeka iphutha.

13. Nithathe futhi umfowenu, nisuke nibuyele kulowo muntu.

14. UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu, ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.”

15. Amadoda ayesethatha leso sipho nemali ephindwe kabili esandleni sawo kanye noBenjamini, asuka ehlela eGibithe, ema ebusweni bukaJosefa.

Ugenesise 43