Ugenesise 43:29-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Wayesephakamisa amehlo akhe, wambona uBenjamini umfowabo, indodana kanina, wathi: “Nguye lo ongumfowenu omncane enakhuluma ngaye kimi na?” Wathi: “UNkulunkulu makabe nomusa kuwe ndodana yami.”

30. Wakhawuleza uJosefa, ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona, wangena ekamelweni lakhe, wakhala khona.

31. Wageza ubuso bakhe, waphuma; wazibamba, wathi: “Lethani ukudla.”

32. Bambekela ukudla ngokwakhe, nalabo ngokwabo, nabaseGibithe abadla naye ngokwabo, lokhu abaseGibithe bangedle namaHeberu, ngokuba kuyanengeka kubo abaseGibithe.

33. Bahlala phambi kwakhe, izibulo njengobuzibulo balo nomncane njengobuncane bakhe; abantu bamangala omunye nomunye.

34. Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe, kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo. Baphuza, bathokoza naye.

Ugenesise 43