Ugenesise 43:23-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Yayisithi kubo: “Ukuthula makube kinina; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu; imali yenu ngayithola.” Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.

24. Inceku yayisingenisa amadoda endlini kaJosefa, yawanika amanzi; ageza izinyawo zawo; yazipha izimbongolo zawo ukudla.

25. Alungisela uJosefa isipho, ezofika emini, ngokuba ayezwile ukuthi ayakudla khona.

26. UJosefa esefike ekhaya, ayisa kuye endlini isipho esasisesandleni sawo, akhothamela phansi kuye.

27. Wabuza impilo yabo, wathi: “Usaphila uyihlo, ixhegu enanikhuluma ngalo, na? Usekhona na?”

28. Bathi-ke: “Inceku yakho ubaba isaphila, isekhona.” Bamkhothamela, bamkhonza.

29. Wayesephakamisa amehlo akhe, wambona uBenjamini umfowabo, indodana kanina, wathi: “Nguye lo ongumfowenu omncane enakhuluma ngaye kimi na?” Wathi: “UNkulunkulu makabe nomusa kuwe ndodana yami.”

30. Wakhawuleza uJosefa, ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona, wangena ekamelweni lakhe, wakhala khona.

31. Wageza ubuso bakhe, waphuma; wazibamba, wathi: “Lethani ukudla.”

32. Bambekela ukudla ngokwakhe, nalabo ngokwabo, nabaseGibithe abadla naye ngokwabo, lokhu abaseGibithe bangedle namaHeberu, ngokuba kuyanengeka kubo abaseGibithe.

33. Bahlala phambi kwakhe, izibulo njengobuzibulo balo nomncane njengobuncane bakhe; abantu bamangala omunye nomunye.

34. Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe, kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo. Baphuza, bathokoza naye.

Ugenesise 43