Ugenesise 42:7-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. UJosefa wabona abafowabo, wabazi, kepha wazishaya ongabaziyo kubo, wakhuluma kalukhuni kubo, wathi kubo: “Nivelaphi na?”Bathi: “Sivela ezweni laseKhanani, size ukuthenga ukudla.”

8. UJosefa wabazi abafowabo, kepha bona abamazanga.

9. UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.”

10. Bathi kuye: “Qha, nkosi, izinceku zakho zize ukuba zithenge ukudla.

11. Sonke singamadodana andodanye; singabantu abaqotho; izinceku zakho aziyizo izinhloli.”

12. Wathi kubo: “Qhabo, nize ukubona ubuze bezwe.”

13. Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.”

Ugenesise 42