27. Kwathi omunye evula isaka lakhe ukuba ayinike imbongolo yakhe ukudla endlini yezihambi, wabona imali yakhe; bheka, yayisemlonyeni wesaka lakhe.
28. Wayesethi kubafowabo: “Imali yami ibuyiselwe; bhekani, isesakeni lami.” Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela, bethi: “Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?”
29. Bafika-ke kuJakobe uyise ezweni laseKhanani, bamtshela konke okubehleleyo, bathi:
30. “Lowo muntu, inkosi yezwe, ukhulume kalukhuni kithina, wasishaya izinhloli zezwe.
31. Sase sithi kuye: ‘Singabaqotho; asiyizo izinhloli;
32. siyizelamani eziyishumi nambili, amadodana kababa; enye ayisekho, encane ikubaba ezweni laseKhanani manje.’
33. “Lowo muntu, inkosi yezwe, wayesethi kithi: ‘Ngalokhu ngiyokwazi ukuthi ningabaqotho: shiyani kimi omunye wabafowenu, niphathele indlala yezindlu zenu ukudla, nimuke,
34. nilethe kimi umfowenu omncane; yikhona ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli kepha ningabaqotho, ngininike umfowenu, nihambe izwe.’ ”
35. Kwathi sebethulula amasaka abo, bheka, isikhwama semali salowo nalowo sasisesakeni lakhe; lapho bona noyise bebona izikhwama zabo zemali, bashaywa luvalo.
36. UJakobe uyise wayesethi kubo: “Niyangaphuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni kasekho; senizakuthatha noBenjamini; kuphezu kwami konke lokhu.”
37. Wayesekhuluma uRubeni kuyise, ethi: “Bulala amadodana ami omabili, uma ngingambuyiseli kuwe; mnikele esandleni sami, ngizakumbuyisela kuwe.”
38. Wathi: “Indodana yami ayiyikwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo, niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.”