24. Wabafulathela, wakhala; wabuye waphendukela kubo, wakhuluma nabo; wayesemsusa uSimeyoni phakathi kwabo, wambopha phambi kwamehlo abo.
25. UJosefa wayeseyala ukuba amasaka abo agcwaliswe ngamabele, kubuyiselwe imali yalowo nalowo esakeni lakhe, baphiwe umphako endleleni; kwenziwa njalo kubo.
26. Base bethwesa izimbongolo zabo ngamabele abo, bamuka khona.
27. Kwathi omunye evula isaka lakhe ukuba ayinike imbongolo yakhe ukudla endlini yezihambi, wabona imali yakhe; bheka, yayisemlonyeni wesaka lakhe.
28. Wayesethi kubafowabo: “Imali yami ibuyiselwe; bhekani, isesakeni lami.” Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela, bethi: “Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?”
29. Bafika-ke kuJakobe uyise ezweni laseKhanani, bamtshela konke okubehleleyo, bathi:
30. “Lowo muntu, inkosi yezwe, ukhulume kalukhuni kithina, wasishaya izinhloli zezwe.
31. Sase sithi kuye: ‘Singabaqotho; asiyizo izinhloli;
32. siyizelamani eziyishumi nambili, amadodana kababa; enye ayisekho, encane ikubaba ezweni laseKhanani manje.’