Ugenesise 42:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, uJakobe wathi emadodaneni akhe: “Nibukanelani na?”

2. Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.”

3. Base behla abafowabo bakaJosefa abayishumi, baya kuthenga amabele eGibithe.

4. Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: “Angahle ehlelwe ngokubi.”

5. Ayesefika amadodana ka-Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ababefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani.

6. UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.

7. UJosefa wabona abafowabo, wabazi, kepha wazishaya ongabaziyo kubo, wakhuluma kalukhuni kubo, wathi kubo: “Nivelaphi na?”Bathi: “Sivela ezweni laseKhanani, size ukuthenga ukudla.”

8. UJosefa wabazi abafowabo, kepha bona abamazanga.

Ugenesise 42