Ugenesise 42:1-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, uJakobe wathi emadodaneni akhe: “Nibukanelani na?”

2. Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.”

3. Base behla abafowabo bakaJosefa abayishumi, baya kuthenga amabele eGibithe.

4. Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: “Angahle ehlelwe ngokubi.”

5. Ayesefika amadodana ka-Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ababefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani.

6. UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.

7. UJosefa wabona abafowabo, wabazi, kepha wazishaya ongabaziyo kubo, wakhuluma kalukhuni kubo, wathi kubo: “Nivelaphi na?”Bathi: “Sivela ezweni laseKhanani, size ukuthenga ukudla.”

8. UJosefa wabazi abafowabo, kepha bona abamazanga.

9. UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.”

10. Bathi kuye: “Qha, nkosi, izinceku zakho zize ukuba zithenge ukudla.

11. Sonke singamadodana andodanye; singabantu abaqotho; izinceku zakho aziyizo izinhloli.”

12. Wathi kubo: “Qhabo, nize ukubona ubuze bezwe.”

13. Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.”

14. UJosefa wathi kubo: “Yikho lokhu engikushilo kini ukuthi niyizinhloli.

15. Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha.

Ugenesise 42